5 Kwathi ukuba basukelwe yisidumo sabezizwe nabaJuda kanye nababusi babo sokubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe,
6 bathi sebekwazi lokho, babalekela emizini yaseLikawoniya, iListra neDerbe, nasezweni langakhona,
7 bashumayela khona ivangeli.
8 EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe.
9 Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe,
10 wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho.” Yayisigxuma, yahamba.
11 Kwathi-ke izixuku zikubona lokho akwenzile uPawulu, zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.”