Izenzo
Izahluko 15:11-17
Ibhayibheli Elingcwele
11Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.”
12 Isixuku sonke sathula; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunkulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe.
13Kepha sebethulile, uJakobe wathatha wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni.
14USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe.
15Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe ukuthi:
16 “ ‘Emva kwalokho ngiyakubuya,ngiyakhe futhi indlu kaDavide ewileyo,ngibuye ngakhe okudilikileyo kwayo,ngiyimise,
17ukuze abaseleyo babantu kanyenabezizwe bonke bayifune iNkosi,elibizwe phezu kwabo igama lami,’isho iNkosi ekwenza lokhu,