15 Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe ukuthi:
16 “ ‘Emva kwalokho ngiyakubuya,ngiyakhe futhi indlu kaDavide ewileyo,ngibuye ngakhe okudilikileyo kwayo,ngiyimise,
17 ukuze abaseleyo babantu kanyenabezizwe bonke bayifune iNkosi,elibizwe phezu kwabo igama lami,’isho iNkosi ekwenza lokhu,
18 okwaziwa kwaphakade.
19 “Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu,
20 kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi.
21 Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni* amasabatha ngamasabatha.”