17 ukuze abaseleyo babantu kanyenabezizwe bonke bayifune iNkosi,elibizwe phezu kwabo igama lami,’isho iNkosi ekwenza lokhu,
18 okwaziwa kwaphakade.
19 “Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu,
20 kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi.
21 Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni* amasabatha ngamasabatha.”
22 Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,
23 baloba ngesandla sabo ngokuthi:Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.