Izenzo
Izahluko 15:8-14
Ibhayibheli Elingcwele
8UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi;
9futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.
10Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na?
11Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.”
12 Isixuku sonke sathula; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunkulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe.
13Kepha sebethulile, uJakobe wathatha wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni.
14USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe.