16 Kwathi siya endaweni yokukhuleka, kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.
17 Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.”
18 Yakwenza lokho izinsuku eziningi. Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo.” Wayesephuma ngaso leso sikhathi.
19 Kwathi abaniniyo sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo limukile, bababamba oPawulu noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,
20 babayisa ezinduneni, bathi: “Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi bengabaJuda;
21 bafundisa imikhuba esingavunyelwe ukuba siyamukele, siyenze thina esingamaRoma.”
22 Isixuku sase sibavukela, nezinduna zayala ukuba bahlutshulwe izingubo, bashaywe ngenduku;