3 Lowo uPawulu wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekhona kulezo zindawo; ngokuba bonke babemazi ukuthi uyise wayengumGreki.
4 Kwathi bedabula imizi, babanika izinqumo ezanqunywa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema ukuba bazigcine.
5 Njalo-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngobuningi imihla ngemihla.
6 Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya;
7 sebefikile ngaseMisiya, balinga ukuya eBithiniya, kepha uMoya kaJesu akabavumelanga.
8 Badlula eMisiya, behlela eTrowa.
9 Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: “Welela eMakedoniya, usisize.”