37 Kepha uPawulu wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basiphonsa etilongweni; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.”
38 Izikhonzi zabikela izinduna lawo mazwi. Zona zesaba sezizwa ukuthi bangamaRoma,
39 zeza zabancenga; sezibakhiphile zabanxusa ukuba bamuke emzini.
40 Base bephuma etilongweni, bangena kwaLidiya; kwathi sebebabonile abazalwane babaduduza, bamuka.