10 Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni* labaJuda.
11 Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.
12 Ngakho abaningi kubo bakholwa, nabesifazane abanesithunzi abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.
13 Kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe nguPawulu naseBereya, beza nakhona, bazinyakazisa bezivusa izixuku.
14 Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.
15 Abamphelekezelayo uPawulu bamfikisa e-Athene; kwathi sebamukele isiyalezo ngoSila nangoThimothewu sokuba beze kuye ngokushesha okukhulu, bamuka.
16 Kwathi uPawulu esabalinda e-Athene, umoya wakhe wacunuka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe.