16 Kwathi uPawulu esabalinda e-Athene, umoya wakhe wacunuka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe.
17 Ngakho-ke wakhuluma esinagogeni* kubaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona.
18 Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo,” ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.
19 Base bemthatha, bamyisa e-Areyophagu, bethi: “Ungesazise ukuthi siyini lesi sifundiso esisha esikhulunywa nguwe na?
20 Ngokuba uletha ezindlebeni zethu okuthile okungaziwayo; ngalokho sifuna ukwazi ukuthi lokhu kungaba yini.”
21 Ngokuba bonke abase-Athene nabafokazi abakhe khona babengazilibazisi ngokunye, kuphela ngokukhuluma nokuzwa izindaba ezintsha.
22 UPawulu wema-ke phakathi ne-Areyophagu, wathi: “Madoda ase-Athene, ngiyabona ngakho konke ukuthi nikhonza kakhulu onkulunkulu.