20 Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba.
21 Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto, uPawulu wazimisela emoyeni ukuya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.”
22 Wayesethumela eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo oThimothewu no-Erastu; yena uqobo wasala isikhathi e-Asiya.
23 Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela.
24 Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu, umkhandi wesiliva owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wazuzisa abakhandi besiliva inzuzo engencane,
25 waqoqa bona kanye nezisebenzi ezinjalo, wathi: “Madoda, niyazi ukuthi kulo msebenzi kuvela ingcebo yethu,
26 kepha seniyabona, niyezwa futhi ukuthi akukuphela e-Efesu kodwa cishe kulo lonke i-Asiya uPawulu lona udukisile abantu abaningi ngokubancenga, ethi akusibo onkulunkulu labo abenziwe ngezandla.