23 Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela.
24 Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu, umkhandi wesiliva owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wazuzisa abakhandi besiliva inzuzo engencane,
25 waqoqa bona kanye nezisebenzi ezinjalo, wathi: “Madoda, niyazi ukuthi kulo msebenzi kuvela ingcebo yethu,
26 kepha seniyabona, niyezwa futhi ukuthi akukuphela e-Efesu kodwa cishe kulo lonke i-Asiya uPawulu lona udukisile abantu abaningi ngokubancenga, ethi akusibo onkulunkulu labo abenziwe ngezandla.
27 Ngakho akusikho lokhu kuphela ukuba umsebenzi wethu usengozini yokudelelwa, kodwa nethempeli lonkulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuthiwa aliyinto yalutho, nobukhulukazi bakhe sebuzakuphela, yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.”
28 Kwathi bekuzwa lokho, bagcwala ulaka, bamemeza bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.”
29 Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, batheleka nganhliziyonye esigcawini sokubukela, babamba oGayu no-Aristarku, abaseMakedoniya, ababehamba noPawulu.