8 Wayesengena esinagogeni,* wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu, eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu.
9 Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli, bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu.
10 Lokho kwenzeka iminyaka emibili, baze balizwa izwi leNkosi bonke abakhileyo e-Asiya, abaJuda namaGreki.
11 UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawulu,
12 baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe, bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma.
13 Kepha nabathile abayizanusi kubaJuda, abayizinzulane, balokotha ukuphatha igama leNkosi uJesu phezu kwabakhwelwe ngomoya ababi, bathi: “Ngiyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.”
14 USkeva othile, umJuda, umpristi omkhulu, wayenamadodana ayisikhombisa ayekwenza lokho.