14 Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo:“Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.
15 Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini;
16 kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi:
17 “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu,ngiyakuthulula uMoya wamiphezu kwayo yonke inyama;amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,izinsizwa zenu zibone imibono,abadala benu baphuphe amaphupho;
18 yebo, naphezu kwezinceku zaminezincekukazi zamingiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla,ziyakuprofetha.
19 Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulunezibonakaliso emhlabeni phansi,igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.
20 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,inyanga ibe yigazi,lungakafiki usuku olukhulunoluqhamileyo lweNkosi.