23 yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala;
24 lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho.
25 Ngokuba uDavide uthi ngaye:“ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo,ngokuba ingakwesokunene sami,ukuze nginganyakaziswa.
26 Ngalokho inhliziyo yami iyajabula,nolimi lwami luyethaba;ngisho nenyama yami iyakuhlalangokwethemba.
27 Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,*futhi awuyikuvuma oNgcwele wakhoabone ukubola.
28 Wangazisa izindlela zokuphila;uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’
29 “Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.