26 Ngalokho inhliziyo yami iyajabula,nolimi lwami luyethaba;ngisho nenyama yami iyakuhlalangokwethemba.
27 Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,*futhi awuyikuvuma oNgcwele wakhoabone ukubola.
28 Wangazisa izindlela zokuphila;uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’
29 “Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.
30 Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi,
31 ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola.
32 UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke;