29 Mina ngiyazi ukuthi emva kokumuka kwami kuzakungena kini izimpisi ezihahayo zingawuhawukeli umhlambi,
30 naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela.
31 Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi.
32 “Kalokhu sengiyanibeka eNkosini nasezwini lomusa wayo, yona enamandla okwakha nokwabela ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiweyo.
33 Angifisanga siliva lamuntu, nagolide, nangubo;
34 nina niyazi ukuthi lezi zandla zasebenzela izinswelo zami nezababe nami.
35 Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”