Izenzo
Izahluko 20:34-38
Ibhayibheli Elingcwele
34nina niyazi ukuthi lezi zandla zasebenzela izinswelo zami nezababe nami.
35Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”
36 Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka.
37Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga,
38belusizi kakhulu ngezwi alishilo lokuthi abasayikubona ubuso bakhe. Base bemphelekezela, baya emkhunjini.