Izenzo
Izahluko 20:4-10
Ibhayibheli Elingcwele
4Waphelekezelwa nguSophatru kaPhiru waseBereya, nabaseThesalonika o-Aristarku noSekhundu, noGayu waseDerbe, noThimothewu, nabase-Asiya oThikhiku noTrofimu.
5Laba basandulela, basilindela eTrowa.
6Kepha thina samuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.
7 Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa, uPawulu washumayela kubo ebezakumuka ngangomuso, welula amazwi akhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.
8Kwakukhona izibani eziningi ekamelweni eliphezulu esasibuthene kulo.
9Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, eyazunywa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside; isiyahlulwe ngubuthongo, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.
10Kepha uPawulu wehla, wawa phezu kwayo, wayisingatha, wathi: “Ningaxokozeli, ngokuba umphefumulo wayo usekhona kuyo,”