Izenzo
Izahluko 21:15-21
Ibhayibheli Elingcwele
15Emva kwalezo zinsuku sabopha impahla, sakhuphukela eJerusalema;
16kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.
17Sesifinyelele eJerusalema, abazalwane basamukela ngokujabula.
18Ngangomuso uPawulu wangena nathi kuJakobe; namalunga onke ayekhona.
19Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.
20 Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho;
21sebebikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda abaphakathi kwabezizwe ukuhlubuka kuMose, uthi mabangasoki abantwana babo, bangahambi ngamasiko.