20 Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho;
21 sebebikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda abaphakathi kwabezizwe ukuhlubuka kuMose, uthi mabangasoki abantwana babo, bangahambi ngamasiko.
22 Pho-ke, senze njani na? Impela bazakuzwa ukuthi usufikile.
23 Ngakho yenza lokhu esikusho kuwe: Kukhona kithi amadoda amane azibophile ngesifungo;
24 wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho.
25 Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo sesilobile sanquma ngokuthi mabazilonde kokuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.”
26 Khona uPawulu wawathatha lawo madoda, ngangomuso wayesezihlambulula kanye nawo, wangena ethempelini, wabika ukuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kulethwe umnikelo ngenxa yawo onke.