28 bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani; nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi wangenisa ethempelini amaGreki, wayingcolisa le ndawo engcwele.”
29 Ngokuba babebonile ngaphambili uTrofimu wase-Efesu enaye emzini, ababesho ngaye ukuthi uPawulu umngenisile ethempelini.
30 Umuzi wonke wanyakaziswa, abantu bagijimela ndawonye, bambamba uPawulu, bamhudulela ngaphandle kwethempeli; iminyango yavalwa masinyane.
31 Kuthe sebefuna ukumbulala, kwafika izwi enduneni yenkulungwane lokuthi lonke iJerusalema liyayaluza;
32 yona yayisithatha masinyane amabutho nezinduna zekhulu, yagijimela kubo; sebebona induna yenkulungwane namabutho bayeka ukumshaya uPawulu.
33 Khona induna yenkulungwane yasondela, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.
34 Kepha abanye esixukwini bamemeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.*