33 Khona induna yenkulungwane yasondela, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.
34 Kepha abanye esixukwini bamemeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.*
35 Esefikile esikhwelweni, kwenzeka ukuba athwalwe ngamabutho ngenxa yokukhandana kwesixuku;
36 ngokuba kwalandela isixuku sabantu bememeza bethi: “Msuseni!”
37 Esezakungeniswa ekamu* uPawulu wathi enduneni yenkulungwane: “Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na?”Yona yathi: “Uyasazi isiGreki na?
38 Kanti awusiye yini lowo waseGibithe owambuka ngaphambi kwalezi zinsuku, waholela ehlane amadoda ayizinkulungwane ezine angababulali na?”
39 Kepha uPawulu wathi: “Mina ngingumJuda waseTarsu laseKhilikhiya, ngingumuntu womuzi ongesiwo ongenalo udumo; ngiyacela, ake ungivumele ngikhulume kubantu.”