1 “Madoda, bazalwane, nani bobaba, yizwani ukuziphendulela kwami phambi kwenu kalokhu.”
2 Kwathi bemuzwa ekhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, bathula bathi du. Wayesethi:
3 “Mina ngiyindoda engumJuda, ngazalwa eTarsu laseKhilikhiya, kodwa ngakhulela kulo muzi, ngafundiswa ngasezinyaweni zikaGamaliyeli ngesineke ngomthetho wawobaba, ngashisekela uNkulunkulu njengokuba nonke ninjalo namuhla;
4 ngayizingela leyo Ndlela kwaze kwaba sekufeni, ngibopha ngibakhaphela ematilongweni abesilisa nabesifazane,