3 “Mina ngiyindoda engumJuda, ngazalwa eTarsu laseKhilikhiya, kodwa ngakhulela kulo muzi, ngafundiswa ngasezinyaweni zikaGamaliyeli ngesineke ngomthetho wawobaba, ngashisekela uNkulunkulu njengokuba nonke ninjalo namuhla;
4 ngayizingela leyo Ndlela kwaze kwaba sekufeni, ngibopha ngibakhaphela ematilongweni abesilisa nabesifazane,
5 njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.
6 “Kwathi ngisahamba ngisondela eDamaseku kuphakathi kwemini, kwangibaneka masinyane nxazonke ukukhanya okukhulu okwavela ezulwini,
7 ngawa phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?’
8 “Ngase ngiphendula ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’“Wathi kimi: ‘Mina nginguJesu waseNazaretha omzingelayo.’
9 Kepha labo ababe nami bakubona ukukhanya, kodwa izwi lowakhuluma nami abalizwanga.