Izenzo
Izahluko 23:27-33
Ibhayibheli Elingcwele
27 Le ndoda ibibanjwe ngabaJuda; ibisizakubulawa yibo, ngafika namabutho, ngayophula sengizwile ukuba ingumRoma.
28Ngathi ngifuna ukwazi icala abayimangalela ngalo, ngayehlisela emphakathini wabo;
29ngayifumana imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo, kepha engamangalelwa ngalutho olufanele ukufa nokuba ukuboshwa.
30Sekudaluliwe kimi ukuthi kukhona icebo ngaleyo ndoda, ngase ngiyithumela kuwe masinyane, ngibayalile nabayimangalelayo ukuba bakhulume ngayo phambi kwakho.
31Khona amabutho ayesemthatha uPawulu njengokuyalwa kwawo, amyisa e-Antipatheri ebusuku.
32Kepha ngangomuso ashiya izinkweli ukuba zihambe naye; wona abuyela ekamu;*
33lezo sezifikile eKesariya zanika umbusi incwadi, zamisa uPawulu phambi kwakhe.