31 Khona amabutho ayesemthatha uPawulu njengokuyalwa kwawo, amyisa e-Antipatheri ebusuku.
32 Kepha ngangomuso ashiya izinkweli ukuba zihambe naye; wona abuyela ekamu;*
33 lezo sezifikile eKesariya zanika umbusi incwadi, zamisa uPawulu phambi kwakhe.
34 Eseyifundile wambuza ukuthi ungowasiphi isifunda; esezwile ukuthi ungowaseKhilikhiya,
35 wathi: “Ngiyakuyizwa kahle indaba yakho, nxa sebefikile abakumangalelayo.” Wayala ukuba alondwe enqabeni kaHerode.