12 abangifumananga ngiphikisana namuntu, nakuba ngivusa isiphithiphithi esixukwini, nasethempelini, nasemasinagogeni,* nasemzini,
13 futhi bangekuqinise kuwe lokhu abangibeka icala ngakho manje.
14 Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;
15 nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.
16 Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.
17 “Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafika ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo,
18 okuthe ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe, kungekho isixuku nomsindo,