15 nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.
16 Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.
17 “Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafika ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo,
18 okuthe ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe, kungekho isixuku nomsindo,
19 abaJuda abathile base-Asiya ababefanele ukuvela phambi kwakho, bangimangalele, uma benotho ngami.
20 Nokuba mabasho laba ukuthi bafumanani okungalungile mhla ngimi phambi komphakathi,
21 ngaphandle kwalelo zwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: ‘Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.’ ”