17 “Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafika ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo,
18 okuthe ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe, kungekho isixuku nomsindo,
19 abaJuda abathile base-Asiya ababefanele ukuvela phambi kwakho, bangimangalele, uma benotho ngami.
20 Nokuba mabasho laba ukuthi bafumanani okungalungile mhla ngimi phambi komphakathi,
21 ngaphandle kwalelo zwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: ‘Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.’ ”
22 Kepha uFeliksi ekwazi ngokuchachileyo okwaleyo Ndlela wabahlehlisa ethi: “Lapho uLisiya induna yenkulungwane esewukile, ngizakuyinquma indaba yenu,”
23 wayala induna yekhulu ukuba agcinwe, kepha abe nenkululeko, kunganqatshelwa muntu wakubo ukumkhonza.