19 kodwa babe nokuphikisana okuthile naye ngenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu, owafayo, asho ngaye uPawulu ukuthi uyaphila.
20 Kuthe mina ngisakhohliwe ukuthi leyo ndaba ngizakuyihlola kanjani, ngathi angathanda yini ukuya eJerusalema ukuba ahlulelwe khona ngalezo zinto.
21 Kepha uPawulu eselidlulisile wacela ukuba agcinwe lize lithethwe yinkosi enkulu, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimthumele kuKesari.”
22 U-Agripha wayesethi kuFestu: “Nami bengithanda ukumuzwa lowo muntu.”Wathi: “Uzakumuzwa ngomuso.”
23 Khona ngangomuso kwafika o-Agripha noBernike ngemvunulo enkulu, bangena endlini yamacala kanye nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi; uFestu wayala ukuba uPawulu alethwe.
24 UFestu wathi: “Nkosi, Agripha, nani nonke nina madoda enikhona lapha kanye nathi, niyambona lona oluze ngaye kimi lonke uquqaba lwabaJuda eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuba abe esaphila.
25 Kepha mina ngabona ukuthi akenzanga lutho olufanele ukuba afe, kodwa ngenxa yokudlulisela kwakhe kuKesari ngazinqumela ukumthuma.