6 Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.
7 Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa,
8 lapho uPawulu eziphendulela ngokuthi: “Angonanga ngalutho nasemthethweni wabaJuda, nasethempelini, nakuKesari.”
9 Kepha uFestu ethanda ukubongwa ngabaJuda, wamphendula uPawulu, wathi: “Uyathanda yini ukwenyukela eJerusalema, wahlulelwe khona phambi kwami ngalezi zinto, na?”
10 UPawulu wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari, lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona. Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.
11 Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.”
12 Khona uFestu esekhulumile nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari, uzakuya kuKesari.”