1 Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari.
2 Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu obusuzakuya ezindaweni zangase-Asiya, u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi.
3 Ngangomuso safika eSidoni; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu, wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe.
4 Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene nathi.
5 Sesidabulile ulwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya safika eMira laseLikhiya.
6 Lapho-ke induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Italiya, yasingenisa kuwo.