Izenzo
Izahluko 27:12-18
Ibhayibheli Elingcwele
12Njengokuba itheku lalingalungile ukuhlala khona ebusika, iningi labo laluleka ukuba kusukwe khona, mhlawumbe kwenzeke ukuba bafinyelele eFeniksi, itheku laseKrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu nasentshonalanga yasenyakatho, bahlale khona ebusika.
13Kuthe iningizimu isaphephetha kahle, bacabanga ukuthi sebetholile ababekuqondile, bakhuphula ihange,* bagudla iKrethe.
14Kepha emva kwesikhathi esingeside kwavuka kwehla kulo umoya oyisivunguvungu othiwa i-Ewurakiloni;
15kodwa umkhumbi usududulwa ungasenakubhekana nomoya, sayeka saqhutshwa nje.
16Kwathi sigudla ngenzansi kwesiqhingana esithiwa iKlawuda, sabamba isikebhe kalukhuni;
17sebe sikhuphulile basebenzisa izinto zokusiza, bawuzongolozela umkhumbi ngezintambo; kuthe besaba ukuthi bazakukhahleleka eSirti, behlisa izindwangu zomkhumbi, baqhutshwa kanjalo.
18Kuthe ukuba sibhengulwe kakhulu yisiphepho, ngangomuso bachitha umthwalo;