13 Kuthe iningizimu isaphephetha kahle, bacabanga ukuthi sebetholile ababekuqondile, bakhuphula ihange,* bagudla iKrethe.
14 Kepha emva kwesikhathi esingeside kwavuka kwehla kulo umoya oyisivunguvungu othiwa i-Ewurakiloni;
15 kodwa umkhumbi usududulwa ungasenakubhekana nomoya, sayeka saqhutshwa nje.
16 Kwathi sigudla ngenzansi kwesiqhingana esithiwa iKlawuda, sabamba isikebhe kalukhuni;
17 sebe sikhuphulile basebenzisa izinto zokusiza, bawuzongolozela umkhumbi ngezintambo; kuthe besaba ukuthi bazakukhahleleka eSirti, behlisa izindwangu zomkhumbi, baqhutshwa kanjalo.
18 Kuthe ukuba sibhengulwe kakhulu yisiphepho, ngangomuso bachitha umthwalo;
19 kwathi ngolwesithathu balahla izimpahla zomkhumbi ngezandla zabo.