22 Kepha manje senginiluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuyikufa muntu kini, umkhumbi kuphela.
23 Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo,
24 yathi: ‘Ungesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.’
25 Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi.
26 Kepha simelwe ukukhahleleka esiqhingini esithile.”
27 Kwathi ukuba kufike ubusuku beshumi nane sisazulazuliswa elwandle lwase-Adriya phakathi kobusuku, abomkhumbi bacabanga ukuthi bayasondela ezweni elithile.
28 Base bephonsa intambo yokulinganisa, bafumana kungamafatome* angamashumi amabili; sebeqhubekile kancane bayiphonsa futhi, bafumana kungamafatome ayishumi nanhlanu;