27 Kwathi ukuba kufike ubusuku beshumi nane sisazulazuliswa elwandle lwase-Adriya phakathi kobusuku, abomkhumbi bacabanga ukuthi bayasondela ezweni elithile.
28 Base bephonsa intambo yokulinganisa, bafumana kungamafatome* angamashumi amabili; sebeqhubekile kancane bayiphonsa futhi, bafumana kungamafatome ayishumi nanhlanu;
29 besaba ukuthi mhlawumbe singashayeka ezindaweni ezinamadwala, baphonsa amahange* amane ngasemuva, bafisa ukuba kuse.
30 Abomkhumbi sebefuna ukubaleka emkhunjini, behlisela isikebhe elwandle ngokungathi bazakuphonsa amahange* enhlokweni yomkhumbi,
31 uPawulu wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, ningesindiswe nina.”
32 Khona amabutho anquma amagoda esikebhe, asidedela sawa.
33 Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho.