25 kwathi ukuba bangezwani bodwa, bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: “Wakhuluma kahle uMoya oNgcwele ngo-Isaya umprofethi koyihlo
26 ngokuthi:“ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi:“Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda,nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa,
27 ngokuba inhliziyo yalesi sizweseyaba buthuntu;bezwa kanzima ngezindlebe,amehlo abo bawacimezile,funa mhlawumbe babone ngamehlo,bezwe ngezindlebe,baqonde ngenhliziyo, baphenduke,ngibaphilise.” ’
28 “Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.”
29 Kwathi eseshilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo.
30 Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye,
31 washumayela umbuso kaNkulunkulu, wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa muntu.