15 nayibulala iNkosi yokuphila ayivusayo uNkulunkulu kwabafileyo, esingofakazi bakho thina.
16 Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo igama layo lamenza aqine, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.
17 “Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu.
18 Kepha lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bonke ukuthi uKristu wakhe uyakuhlupheka, ukugcwalisile kanje.
19 Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,
20 ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo,
21 okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade.