3 Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini, wacela ukwabelwa isipho.
4 Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!”
5 Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo.
6 Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.”
7 Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala,
8 egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu.
9 Abantu bonke bambona ehamba, edumisa uNkulunkulu.