1 Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela,
2 benengwa ngukufundisa kwabo abantu nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo,
3 bababamba, babafaka etilongweni kwaze kwaba kusasa, ngokuba kwase kuhlwile.
4 Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.
5 Kwathi ngangomuso kwabuthana eJerusalema ababusi namalunga nababhali babo,
6 no-Anase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, no-Aleksandru, nabo bonke abendlu yompristi omkhulu,