20 ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”
21 Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo;
22 ngokuba umuntu esenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphulukiswa wayeneminyaka eve emashumini amane.
23 Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo.
24 Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,
25 owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi:“ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele,nabantu bacebe okuyize, na?
26 Amakhosi omhlaba aqhelile,nababusi bayihlanganyeleiNkosi noGcotshiweyo wayo.’