Izenzo
Izahluko 4:20-26
Ibhayibheli Elingcwele
20ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”
21Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo;
22ngokuba umuntu esenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphulukiswa wayeneminyaka eve emashumini amane.
23Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo.
24Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,
25owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi:“ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele,nabantu bacebe okuyize, na?
26Amakhosi omhlaba aqhelile,nababusi bayihlanganyeleiNkosi noGcotshiweyo wayo.’