14 benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane,
15 ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo.
16 Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungeze iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke.
17 Kwase kusuka umpristi omkhulu nabo bonke ababe naye abangabehlelo labaSadusi, bagcwala umhawu,
18 babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso.
19 Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yetilongo ebusuku, yabakhipha, yathi:
20 “Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuPhila.”