19 Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yetilongo ebusuku, yabakhipha, yathi:
20 “Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuPhila.”
21 Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe.
22 Kepha izikhonzi ezafika khona azibafumananga etilongweni; zase zibuyela emuva, zabika
23 zathi: “Indlu yeziboshwa sayifumana ivaliwe, iqinile impela, nabalindi bemi eminyango; kepha sesivulile asifumananga muntu ngaphakathi.”
24 Kwathi ukuba induna yethempeli nabapristi abakhulu bezwe lawo mazwi, basambatheka ngawo ngokuthi kungaba yini lokho na?
25 Kepha kwafika omunye, wababikela wathi: “Bhekani, amadoda ebeniwafakile etilongweni emi ethempelini, afundisa abantu.”