26 Khona yaphuma induna kanye nezikhonzi, zabaletha, kungengampoqo, ngokuba bebesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.
27 Sebebalethile babamisa emphakathini; umpristi omkhulu wababuza,
28 wathi: “Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelo gama; bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalowo muntu phezu kwethu.”
29 Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.
30 UNkulunkulu wawobaba wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka emthini;
31 lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe yiNkosi noMsindisi ukuba anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.
32 Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.”