28 wathi: “Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelo gama; bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalowo muntu phezu kwethu.”
29 Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.
30 UNkulunkulu wawobaba wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka emthini;
31 lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe yiNkosi noMsindisi ukuba anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.
32 Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.”
33 Bona sebezwile bathukuthela, bafuna ukubabulala.
34 Kwase kusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, isazimthetho esitusekayo esizweni sonke, wayala ukuba abantu bakhishwe isikhashana;