3 Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na?
4 Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.”
5 Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.
6 Izinsizwa zasuka, zamsongelezela, zamkhiphela phandle, zammbela.
7 Kwathi emva kwesikhathi esingaba ngamahora amathathu kwangena nomkakhe, engakwazi okwenzakeleyo.
8 UPetru wayesethatha ethi: “Ngitshele ukuba izwe nilithengise ngokungaka na?”Wathi: “Yebo, ngokungaka.”
9 Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”