39 kepha uma kuvela kuNkulunkulu, aniyikuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabalwayo noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.
40 Base bebabiza abaphostoli, babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula.
41 Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelo gama;
42 abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.