Izenzo
Izahluko 5:5-11
Ibhayibheli Elingcwele
5Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.
6Izinsizwa zasuka, zamsongelezela, zamkhiphela phandle, zammbela.
7Kwathi emva kwesikhathi esingaba ngamahora amathathu kwangena nomkakhe, engakwazi okwenzakeleyo.
8UPetru wayesethatha ethi: “Ngitshele ukuba izwe nilithengise ngokungaka na?”Wathi: “Yebo, ngokungaka.”
9Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”
10Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela ngasendodeni yakhe.
11Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho.