27 “Kepha lowo owayemona umakhelwane wakhe wamhlohloloza wathi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli phezu kwethu na?
28 Usufuna ukungibulala nami, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na?’
29 Khona uMose wabaleka ngenxa yalelo zwi, waba ngumfokazi ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili.
30 “Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni.
31 UMose ekubona wamangala ngalowo mbono; esasondela ukuba abhekisise, kwafika izwi leNkosi, lathi:
32 ‘NginguNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa.
33 “INkosi yayisithi kuye: ‘Khumula izicathulo ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.